lo Mthetho kumbandakanywa nomthethonkambiso.
Kusungulwa Isikhungo njengomuntu ophilayo ngokomthetho oyakubizwa ngeSikhungo seSayensi eNingizimu Afrika.
b khuthaza ngokuphelele ubuhlakani babo bonke abantu; kanye c nikeza izaluleko eziyizo kanye nokwenza lula izinyathelo mayelana nezidingo zokuhlanganyela, amathuba kanye nezinselelo ababhekene nazo bonke abakhele iNingizimu Afrika.
Lesi Sikhungo yisona kuphela isikhungo seSayensi esamukelwe nguHulumeni.
UNgqongqoshe angayala lesi Sikhungo ukuba senzele uHulumeni imisebenzi ethile ehamisana nezinjongo zaso.
Kunohlobo olulodwa lwamalunga aleSikhungo, kodwa amalunga angaba ngamalunga aphunyuziwe (asethathe umhlalaphansi asahlonishwa) kusukela ekuqaleni konyaka lawo malunga ahlanganisa ngawo iminyaka engama-70.
Ilunga leSikhungo ngumuntu okulindeleke ukuba asize iSikhungo ekutheni sikwazi ukufeza izinjongo zaso.
Inqubo eyolandelwa uma kuqokwa amalunga eSikhungo kuyoba impumelelo evelele ekuthuthukiseni noma ukusentshenziswa kwesayensi.
Abantu abaphakanyiswe ukuba babe ngamalunga amasha eSikhungo bayophakanyiswa futhi baklonyeliswe ngesitifiketi esinqunyiwe sasayindwe ngamalunga angekho ngaphansi kwamalunga amane, okungenani amabili kulamalungu kufanele abe nolwazi ngokwawo qobo mayelana nomsebenzi wesayensi nendima ebonakalayo edlalwe yilowo muntu kwezesayensi.
Lesi sitifiketi kufanele siqukathe umbhalo owuhlaka ochazayo ukuthi ukuqokwa kwalowo muntu ukuba abe yilunga leSikhungo kuzoziqhubela kanjani phambili izinjongo zeSikhungo.
Isitifiketi kufanele siphelekezelwe isitatimende esinqunyiwe esivela kulo muntu esikhombisa ukuzinikela kwakhe ekubeni aqokwe ukuba abe yilunga leSikhungo, futhi kufanele siphelezelwe umbhalo ochaza ngomlando wakhe wezemfundo nokusebenza curriculum vitae.
UMkhandlu weSikhungo kufanele njalo ngonyaka ucubungule zonke izicelo ezintsha ezifakiwe onyakeni owedlule, ngokulandela inqubo emisiwe yobulunga.
Wonke amalunga akhona eSikhungo kuyodingeka ukuba avote, ngokwevoti eliyimfihlo, asho ukuthi ayamamukela noma awamamukeli umuntu othile odluliswe nguMkhandlu noma akhombise uma esesimweni sokungavuni muntu noma ukungakhethi muntu neutral.
Amalunga eSikhungo angavotanga athathwa njengafake ivoti lokungavuni muntu.
Umuntu oyoba namavoti okungenani aphindwaphindwe kathathu uyothathwa njengoseqokiwe njengelunga leSikhungo, inqobo nje uma okungenani ingxenye yamavoti beyamukele yena.
a "Mina amagama ngokuphelele ngiyathembisa ukuthi ngizothuthukisa isimo eNingizimu Afrika ngemicabango yezesayensi kanye nokuthuthukisa izinjongo zalesi Sikhungo seSayensi saseNingizimu Afrika ngokusemandleni ami; futhi b Ngiyohlonipha umthethosisekelo omisiwe kanye neziyalo ezimisiwe zeSikhungo uma nje ngiseyilunga leSikhungo."
Noma iliphi ilunga lalesi Sikhungo liphoqelekile, ngale kokungudluka kulokho okushiwo isigatshana 9 ukuba libambe iqhaza okhethweni lwamalunga amasha alesi Sikhungo kanye namalunga oMkhandlu.
ISikhungo sizophathwa futhi silawule nguMkhandlu ngokulandisa kwalo Mthetho.
UMkhandlu kufanele uqiniseke ukuthi izinjongo zeSikhungo ziqhutshwa ngenkuthalo futhi kufanele usingathe ukuqhutshwa kwawo wonke umsebenzi weSikhungo.
e namanye amalunga ayisikhombisa; kanye f nelunga elilodwa loMkhandlu woKwaluleka kwezokuQamba kuZwelonke eliyokhethwa ngoNgqongqoshe.
Amalunga oMkhandlu, ngaphandle kwalawo malungu okukhulunywa ngawo kusigatshana 3 f ayoqokwa ngamalunga eSikhungo komunye wabo bese ekhethwa nguNgqongqoshe.
UMkhandlu uyakusebenzisa amandla onikwe wona ngaphansi kwalo Mthetho futhi wenze imisebenzi oyithunywe ngokwalomthetho.
a UMkhandlu uyakubamba imihlangano yawo ngesikhathi futhi endaweni eziyoqokwa ngumongameli.
b Amalunga akhona emhlangaweni ayokwazi ukuqhubeka nomhlangano kanye nokuthatha izinqumo uma kuyingxenye enkulu yamalunga akhona emhlanganweni.
b umuntu owawa ngokwezimali ongakasimamiswa ngokomthetho.
duma ngabe eke waxhoshwa kwesinye isikhundla ngesizathu sokungaziphathi kahle.
g elilahlwe icala lokungaziphathi kahle ngemva kokuqulwa kondaba mayelana nesenzo esingahlambalaza iSikhungo, kodwa leli lunga lingeze lashiya isikhundla kuze kufike umhlangano wonyaka olandelayo lapho lokhu kushiywa kwesikhundla kufanele kuvezwe emaphepheni ezinqumo.
h ngokuhambisana nokushiwo yilesi sigaba othumele isaziso esibhaliwe noma incwadi yokushiya kwakhe isikhundla wayithumela kuMongameli futhi noMkhandlu wamukela lokho kushiywa kwesikhundla uma zonke izimali zobulunga zikhokhiwe.
Noma iliphi ilunga loMkhandlu elifisa ukushiya isikhundla sobulunga kufanele lilethe isaziso sokushiywa kwalo sibhaliwe sibhekiswe kuMongameli kanti uMkhandlu kufanele usamukele isaziso uma ngabe zonke izimali zobulunga okufanele lizikhokhe zikhokhiwe.
Uma ngabe isikhundla selunga loMkhandlu sisele singenamuntu ngaphambi kokuphela kwesikhathi sobulunga salelo lunga, uNgqongqoshe ngokuhambisana nokushiwo isigatshana 1 kufanele kuthi zingakapheli izinsuku ezinga-60 aqoke umuntu oyobe ephakanyiswe uMkhandlu ukuba athathe leso sikhundla kuleso sikhathi esisale kuleli lunga elishiye isikhundla.
UMkhandlu ungasungula ikomiti elilodwa noma amaningi, angasebenzisa amandla noma enze noma imuphi umisebenzi weSikhungo eliwuthunywa nguMkhandlu.
Ikomiti okukhulunywa ngalo kusigatshana 1 liyokwakhiwa amalunga athile eSikhungo kanye nabasebenzi beSikhungo uMkhandlu oyobona befanele, uma bekhona, uMkhandlu ungachitha noma usungule kabusha ikomiti noma ingasiphi isikhathi uma ubona kufanele.
Uma ngabe ikomiti linamalunga angaphezu koyedwa, uMkhandlu kufanele uqoke ilunga elilodwa ukuba libe ngusihlalo walelo komiti.
UMkhandlu awethuliwe isibopho sokwenza noma imuphi umsebenzi onikezelwe kunoma iluphi ikomiti loMkhandlu ngokwalesi sigaba.
Ngaphezu kweminye imisebenzi athweswe yona umongameli ngaphansi kwalo Mthetho uyakuba ngumcwaningimabhuku othweswe umthwalo wokuqapha izimali ezitholakele nokusentshenziswa kwazo futhi uyakuba nomthwalo wokuqapha impahla yeSikhungo.
i dlulisela kwelinye ilunga loMkhandlu amandla anikwe umcwaningimabhuku ngaphansi kwalo Mthetho noma yilo Mthetho; noma ii agunyaze lowo muntu ukuba enze imisebenzi ethweswe isikhulu esingumcwaningimabhuku ngaphansi kwalo Mthetho.
b Ukwedluliswa kwamandla ngaphansi kwesigatshana a akuvimbeli ukusentshenziswa kwalawo mandla noma ukwenza lowo msebenzi uMcwaningimabhuku.
ISikhungo singaqasha abasebenzi ngaphansi kwemibandela ethile uma sibona kudingekile ukuze iSikhungo sikwazi ukwenza umsebenzi waso, ngokuhambisana nokushiwo isigatshana (b).
b ISikhungo kufanele ngezimali zaso sikhokhe imiholo , izimfanelo nemixhaso kanye nezinye nje izinsizakalo ezinganqunywa uMkhandlu.
c Isikhungo kungathi uma sibona kufanele emva kokuvumelana nomsebenzi sidlulisele noma sesekele lowo msebenzi ukuba ayokwenza umsebenzi othile noma isikhathi esithile eMnyangweni kaHulumeni, inhlangano noma isikhungo siseRiphablikhi ngaphansi kwemibandela efana nokuthi amalungelo kanye nezimfanelo zalowo msebenzi ngeke kuthikamezeke ngokwesekelwa kwakhe.
b singaboleka umsebenzi imali engasiza lowo msebenzi ukuze akwazi ukuba yilunga noma angenele isikhwama sempesheni esinconywe yiSikhungo noma ake athi ukuma ukusebenza ngokuvunyelwa athole ilivu engakhokhela ethathwa njengosizo lwempesheni.
ISikhungo kufanele sisebenzise iminikelo nemixhaso okukhulunywa ngayo esigatshaneni 1b ngenhla ngokulandela imibandela ebekwe yilabo abanikele ngemali leyo.
ISikhungo singabiza inkokhelo mayelana nanoma imuphi umsebenzi esiwenzayo ngaphansi kwalo Mthetho, noma senze amanye amalungiselelo ngezimali esingabona efanele.
Isitatimende sezimali kufanele sinikezelwe kumalunga zingakapheli izinyanga eziyisithupha uphelile unyaka wezimali.
k qasha, sinqume iholo noma sixoshe abasebenzi besikhungo; futhi l senze noma yini engaholela ekufezekiseni izinhloso, futhi kufanele ngezikhathi ezithile sibukeze isakhiwo, inhlangano kanye nezinhlelo.
c senze imisebenzi ephathelene nokufezekisa izinhloso esizithunywe nguNgqongqoshe.
d sihlole izinhlaka zaso, inhlangano nezinhlelo izikhathi ngezikhathi.
ISikhungo singathi ngokuhambisana neMithetho emayelana nobundlelwane emhlabeni, ukuze kufezeke izinjongo zaso, sinikeze usizo oludingekayo kunoma isiphi isakhamuzi saseNingizimu Afrika esikwelinye izwe ngaphandle kweRiphablikhi.
Lo Mthetho uyakusentshenziswa yiSikhungo uma usebenziseka neziguquko lapho kudingeka khona mayelana nokwenza umsebenzi okukhulunywa ngawo kusigatshana 1 kube sengathi leli zwe okwenziwa kulo lowo msebenzi liyingxenye yeRiphablikhi.
Umhlangano wokuqala weSikhungo uyobanjelwa endaweni nangesikhathi esiyoqokwa nguNgqongqoshe, kanti imihlangano elandelayo isiyobanjelwa endaweni nangesikhathi esiyomiswa ngumongameli.
ISikhungo kufanele sibambe umhlangano okungenani kanye ngonyaka.
Umongameli angabiza umhlangano weSikhungo oyisipesheli noma yingasiphi isikhathi okufanele ubanjelwe endaweni nangesikhathi esiyomiswa ngumongameli.
Wonke amalunga kufanele aziswe ngokubhaliwe ngemihlangano yeSikhungo ngaphandle kwemihlangano yekomiti.
Inani labakhona emhlanganweni abangaqhubeka nomhlangano bathathe izinqumo kuyakuba yingxenye yokune quarter yamalunga eSikhungo.
Noma isiphi isinqumo seSikhungo siyothathwa ngokwesekelwa iningi lamalunga eSikhungo akhona emhlanganweni weSikhungo, uma kwenzeka kuba namavoti alinganayo mayelana nodaba oluthile, umuntu okunguyena ophethe umhlangano uyakuba nevoti elingumnqamula juqu ngaphezu kwevoti lakhe njengelunga leSikhungo.
Ilunga leSikhungo lingeze lavota noma lizimbandakanye nokuqhutshwa komhlangano weSikhungo noma libe khona endaweni lapho kubanjwe khona umhlangano uma ngabe linokuthinteka ondabeni oluphambi kweSikhungo okungalenza lingakwazi ukwenza umsebenzi walo njengelunga leSikhungo ngobuqotho, nokungenzeleli nangendlela eyiyo.
b umgomo wokuziphatha wamalunga eSikhungo; kanye c noma iluphi undaba oludingekile noma olufanele ukunqunywa ukuze kufezwe futhi kuphathwe lo Mthetho.
UMkhandlu kasosiyeshini obizwa ngeSikhungo soCwaningo kwezeSayensi eNingizimu Afrika ngaphambi kokuqala ukusebenza kwalo Mthetho uyakuba nguMkhandlu wokuqala weSikhungo isikhathi esingeke sibe ngaphezulu kweminyakeni emithathu kusukela ngosuku lokuqala ukusebenza kwalo Mthetho.
Bonke abantu abebengamalunga eSikhungo soCwaningo kwezeSayensi eNingizimu Afrika ngaphambi kokuqaliswa kwalo Mthetho okukhulunywa ngawo kulesi sigatshana sesi-6, kuthathwa ngokuthi baqokwe ngokuyikho iSikhungo ngokwesigaba sesi-5.
Lo Mthetho uyakubizwa ngo-uMthetho weSikhungo soCwaningo kwezeSayensi e-Ningizimu Afrika, 2001, kanti uyakuqala ukusebenza ngosuku oluyonqunywa umongameli ngokukhipha isimemelo ku Gazethi.
NgoOkthoba ka-1989, kwabonakala ukuthi kunesidingo sokumiswa kweSikhungo esizomela ngokuyiqiniso yonke imigudu yesayensi isayenzi ngokwemvelo, isayensi yezenhlalakahle, ubuntu, isayensi lezomnotho, isayensi yobunjiniyela, isayensi yezempilo kanye nesayensi yezolimo kuyo yonke imiphakathi. Ngenxa yalokhu-ke kusungulwa Isikhungo sesayensi eNingizimu Afrika ASSAF ngokwesekelwa abamele imigudu eyahlukene yesesayensi nemiphakathi eyahlukene.
Kubonakale kufanele ukuba I-ASSAF isungulwe ngaphansi koMthetho ukuze kuthuthukiswe ukuvuleleka nokungabi namfihlo. Ukwenza lokhu iSikhungo siyokwaziwa ngumphakathi wonkana. Inqubo yokudingidwa koMthetho kuyombandakanya impikiswano yomphakathi mayelana nokudingeka noma ikusasa le-ASSAF okubekwe kulo Mthetho. Njengoba ingumgwamanda onelungelo lobundlalifa futhi yamukelekile njengomuntu ngokomthetho, imiswe nguMthetho wePhalamende, I-ASSAF iyothola ukwamukelwa futhi ithole ukwethenjwa emhlabeni wonke ngoba umthethosisekelo wayo kanye nezinhloso ngeze kwashintshwa ngokuthanda. Izinhloso ze-ASSAF zinjongiswe ekuqinisekeni ukuthi umuntu obambe iqhaza elibonakalayo kwezesayensi, usebenza ngokubambisana nabanye abakulo mkhakha ngukucabela ukukhombisa imiphakathi yezesayensi indlela nokwenza amalungiselelo afanele mayelana nezidingo zokuqoqa, izinjongo, amathuba kanye nezinselelo kubantu baseNingizimu Afrika bonkana.
I-ASSAF iyisikhungo esizimele, kanti amalunga ayo ayokhethwa ngokwezinga eliphezulu ngokwemicabango yesayensi nolwazi kanye nendima ebonakayo ekusizeni isizwe sonkana. I-ASSAF iyosebenza njengethuluzi elizimele elizosiza imiphakathi yesayensi ukuba ibambe iqhaza alibonakalayo ekwalulekeni ngezenqubomgomo, izikhungo ezizokwenza umsebenzi, ngendlela ehlelekile futhi enokumelelwa kwabantu ngokufanele. I-ASSAF iyosungula ezokuxhumana kuleli kanye naphesheya nezinye izikhungo ezenza umsebenzi ofana nowaso ukuze baqiniseke ngokushintshisana ngolwazi, imibono kanye nokungazuzwa izwe noma izakhamuzi zalelo zwe zonkana.
UMnyango kanye nabaluleki boMbuso ngezoMthetho babona ukuthi lo mthethosivivinywa kufanele udingidwe ngendlela emiswe esigabeni 75 soMthethosisekelo weRiphablikhi yaseNingizimu Afrika , ka 1996 (uMthetho ongunombolo 108 ka 1996) ngoba awuqukethe imibandela okufanele kulandelwe kuyo inqubo okukhulunywa ngayo esigabeni 74 noma 76 soMthethosisekelo.
